Abakwa-Ford sebecele kubuyiswe olunye uhlobo lweFord Kuga

2017-03-03 18:00

Durban - Inkampani yakwaFord ithi icela abasheyeli bezimoto zohlobo lwe-Ford Kuga bazibuyise ngoba kusolakala ukuthi kukhona inkinga ekhona ngazo.

Le moto okukhulunywa ngayo la akuyona le nhlobo yeFord Kuga esematheni kulezi zinsuku ngenxa yokugqamuka umlilo.

Ngokubika kwephephandaba i-George Herald abanikazi be-2l-diesel Kuga bathole izincwadi eziphuma kwaFord ezibayalela ukuthi kumele zibuye ngoba kusolakala ukuthi zinenkinga yamabhuleki.

Le nkinga ikhonjwa ezimotweni ezakhandwa phakathi kuka-2014 kanye no-2015.

OLUNYYE UDABA:Bamudle bamufela ozame ofake esokudayisa iFord Kuga yakhe

Kuthiwa ipayipi le-booster vacuum yamabhuleki liba ntekenteke kakhulu uma like lathintana ne- turbocharger heat shield.

Incwadi ebuya kwabakaFord ibifundeka kanje:

"Ezinye zezinhlobo ze-Kuga 2.0 nokuyizimoto ezisebenza ngodizili zakhiwe ngendlela yokuthi i-brake booster vacuum pipe isondelene kakhulu ne-turbo heat shield.

"Lokhu kwenza ukuthi leli payipi lixege kanti lokhu kudala inkinga yokuthi umshayeli kumele awanyathele ngamandla amabhuleki uma efuna ukuwasebenzisa," kufundeka le ncwadi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...