Abakhiqizi benyama i-Eskort banxusa abantu ukuba behlise amaphaphu

2018-03-05 11:01

Cape Town - Abakhiqizi benyama abazinze KwaZulu-Natal, i-Eksort, sebenxuse abantu ukuba behlise amaphaphu kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi sokuthi inyama esilungele ukudliwa yiyo umsuka wokubheduka kwe-listeriosis.

I-listeriosis isidlule nemiphefumulo yabantu abangu-180 kwathi ababalelwa enkulungwaneni bangeniswa ezibhedlela.

UMotsoaledi uthe umsuka walesi sifo ukhonjwa efemini esePolokwane ekhiqiza imikhiqizo yakwaTiger Brands, i-Enterprise Foods.

Lezi zindaba zakamuva sezidale ukwesaba kubathengi, kwaholela ekutheni balahle yonke into eyinyama esilungele ukudliwa abese beyithengile okubalwa u-polony, ama-vienna ne-cold meat.

Le nkampani ekhiqiza inyama, esisebenze eNingizimu Afrika iminyaka engu-101, ithe imikhiqizo yayo ayiqhamuki ePolokwane lapho uMotsoaledi ethe lo bhedukane usuke khona.

OLUNYE UDABA: BUKA: Usutholakele umsuka we-Listeriosis – kusho uMnyango wezeMpilo

“I-Eskort inamafemu e-Estcourt (KwaZulu-Natal) naseHeidelberg (Gauteng) kuphela, nokuyilapho yonke imikhiqizo yakwa-Eskort ekhiqizwa khona ngokukhethekile.

"I-Eskort iyaqhubeka nokusebenzisana noMnyango wezeMpilo nowezoLimo kanti konke ukuhlolwa kwemikhiqizo yakwa-Eksort kutshengisa ukuthi ayinaso lesi sifo. Kule mikhiqizo ehloliwe kubalwa amaRussian, u-polony, ubhekeni nama-vienna," kusho le nkampani.

Le nkampani ithi amafemu ayo alandela imigomo enqala uma eqhuba umsebenzi.

I-listeriosis ikhula ezindaweni ezahlukene okubalwa ekudleni nasemhlabathini.

INational Institute for Communicable Diseases ixwayise ngokuthi izingane ezencane, abantu abadala, abesifazane abakhulelwe kanye nabantu abane-HIV yibo abasengcupheni yokuthola lesi sifo.


- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...