'Abaholi be-ANC e-KZN kumele bashenxe ngokushesha'

2017-09-12 19:30

Pietermaritzburg – Ikhansela le-ANC uLawrence Dube, obekunguyena ummangali ophambili ecaleni ebelisezithebeni zeNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal mayelana nobuholi be-ANC esifundazweni, uthe ubuholi kumele bushenxe ngokushesha.

"Bengingathanda ukubona lobu buholi buphuma kwanamhlanje ngoba bakhethwa ngokungekho emthethweni," kusho uDube etshela iNews24 ngaphandle kwenkantolo eMgungundlovu ngoLwesibili ekuseni kulandela isinqumo senkantolo esithe inkomfa yokuqokwa kobuholi yabanjwa ngokungemthetho.

Lesi sinqumo senkantolo simayelana nenkomfa ye-ANC esifundazweni ngo-2015 lapho okwanqoba khona abamangalelwa kuleli cala.

OLUNYE UDABA: Inkantolo isichithe 'imiphumela' yengqungquthela yokhetho lwe-ANC eKZN

UDube kanye nabanye abane bavulela i-ANC icala ngoMeyi 2016. Bebephikisana nemiphumela yale nkomfa, okwanqoba kuyo uSihle Zikalala wabe esengena ezicathulweni zalowo owayengundunankulu uSenzo Mchunu ekubeni nguSihlalo kaKhongolose esifundazweni.

Ngesikhathi kuqhubeka le nkomfa, uZikalala wathola amavoti angu-780, kwathi uMchunu wathola angu-675, kulolu hlelo okwavota kulo izithunywa ezingu-1 459. Amalungu ayengagculisekile akhala ngokuthi le miphumela yakhwatshaniswa.

"Ngizizwa ngikhululekile. Inkantolo namhlanje ikuvezile ukuthi besinezizathu ezinqala zokubabela kuyo."

I-ANC esifundazweni, nokho, iveze ukuthi izosiphikisa lesi sinqumo.

Thola udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...