Abagibeli badune isitimela, basikhomba KwaMashu ngenkani

2017-03-03 07:02

Durban - Iqulu labagibeli ebelidinwe ligane unwabu lidune isitimela ngoLwesithathu ebusuku, lasiphoqa ukuba sibheke KwaMashu kunokushoshsoloza sibheke eStanger, enyakatho yeTheku.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yinyunyana i-United National Transport Union (Untu), isitimela sakwaMetrorail i-0277 'besishayelwa' ngabagibeli.

Lesi sitimela besingahlelelwe ukuba siye KwaMashu kodwa ngoba abagibeli bebefuna siye kuleli lokishi ngenkani, kuholele ekutheni sidunwe.

"UZina Katzen, ongumshayeli waso, ubesuka eThekwini ebheke eStanger ngesikhathi abagibeli bemphoqa esiteshini sesitimela iDuffs Road ukuthi akaye KwaMashu," kusho isitatimende.

OLUNYE UDABA: Zime nse izitimela eKapa ngokwebiwa kwamakhebula

Esigamekweni esihlukile, umshayeli wesitimela uJesse Selvan wayesocingweni ecela usizo emsebenzini ngesikhathi imenenja yakhe izwa abagibeli bemsongela.

"Izakhamuzi ezihlala emjondolo nabagibeli zazithukuthele ngoba izitimela zakwaTransnet Freight Rail yizo ezazibambezela kujantshi. Izinkinga zaqala ngenxa yokwebiwa kwamakhebuli endaweni," kusho inyunyana.

USteve Harris, uNobhala Jikelele we-UNTU, uthe abantu bavuke umbhejezane, kwaze kwadingeka kuqiniswe ezokuphepha.

"Kuqiniswe ezokuphepha, kwatshalwa namaphoyisa ophiko lwe-South African Police Services endaweni yesigameko. 

"Abasebenzi bezitimela baphelezelwa amaphoyisa kusukela ePhoenix, Duffs Road, Effingham kuya KwaMashu.

"Amaphoyisa asiqaphile isimo eDuffs Road," kuphetha isitatimende.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...