Abafundi enyuvesi babanjwe inkunzi bekhonjwe ngesibhamu
2017-03-09 13:04
Johannesburg – Izigebengu ezimbili ebezihlomile zikhombe
abafundi ngesibhamu e-University of Johannesburg esikhungweni saseKingsway ngoLwesithathu
esehlakalweni esiphethe ngokuba kudutshulwane.
Okhulumela
amaphoyisa eSAPS esifundazweni, uColonel Lungelo Dlamini, uthe abasolwa ababili
babambe inkunzi abafundi bebakhombe ngesibhamu, bathatha ama-laptop nama-iPad.
Uthe onogada
besikhungo baphutheme endawnei yesigameko ngemuva kokuba bezwe ngokuhayiza kwabafundi,
nokuholele ekutheni kubenokudubulana phakathi konogada nabasolwa.
OLUNYE UDABA: Ingane iwele kwi-swimming pool yashona
"Omunye wabasolwa ulimalile kodwa bobabili bakwazi
ukubaleka,” kusho uDlamini.
Uthe ezinye zezinto ezebiwe zitholakale kodwa abasolwa bakwazile
ukubaleka nama-laptop kanye nama-iPad.
Kuvulwe icala lokuphanga kuhlonyiwe nelokuzama ukubulala.
- News 24