Abafundi baseWestern Cape sebezosheshe bayithole imiphumela ka-Matric

2017-12-31 10:38

Cape Town – Abafundi bakamatikuletsheni eWestern Cape bazokwazi ukuthola imiphumela yabo yeNational Senior Certificate ngaphambi kwesikhathi ebesihleliwe eWestern Cape.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape uPaddy Attwell uthe abafundi imiphumela yabo bangayilanda ezikoleni zabo kusukela ngo-11:00 ekuseni, hhayi kusuka ngo-12:00 obushiwo.

"UMnyango wezeMfundo eWestern Cape usuthathe isinqumo sokukhipha imiphumela ngaphambi kwesikhathi ebesibekiwe ukuze nabafundi benkolo yamaSulumane bezokwazi ukuya emikhulelweni yabo ngoLwesihlanu,” kusho u-Attwell.

OLUNYE UDABA: Umalusi ushayele ihlombe uMnyango wezeMfundo ngezivivinyo zika-Matric

Umalusi, okuyinhlangano eqinisekisa imiphumela, umemezele ukuthi imiphumela izokhishwa ngoLwesihlanu mhlaka 5 Januwari 2018.

U-Angie Motshekga, onguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uzomemezela imiphumela kazwelonke ngoLwesine mhlaka 4 Januwari.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...