Abafundi bangenele umbhikisho bekhala ngokudlwengulwa komunye enyuvesi

2017-10-03 11:04

Port Elizabeth – Kuqubuke umbhikisho eNelson Mandela Metropolitan University ngemuva kwemibiko ethi kudlwengulwe umfundi ngoMsombuluko ebusuku.

Abafundi bavale amasango amaningi angenela esikhungweni senyuvesi esisePort Elizabeth.

Bangenele umbhikisho bekhala ngokungaqini kwezokuphepha.

Abafundi ababili bebesebenza e-computer lab ngoMsombuluko ebusuku ngesikhathi kungena owesilisa ongaziwa.

OLUNYE UDABA: UMbalula uzovakashela imindeni yabangu-11 ababulawa

Kuthiwa wesabise abafundi ngesikere, wadlwengula owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala.

Omunye wabafundi kubikwa ukuthi ugwazwe ngumsolwa emhlane ngoba ebengawuphethe umakhalekhukhwini.

Abaphathi benyuvesi bathi bazohlangana nabafundi ukukhuluma ngezikhalazo zabo.

Okhulumela i-NMU uZandile Mbabela usiqinisekisile isigameko, wathi: "Kuyathusa futhi kuyadumaza ukuzwa ngalezi zindaba ngokudlwengulwa nokugwazwa kwabafundi.”

Amaphoyisa ayaphenya ngecala, kodwa bekungakaboshwa muntu okwamanje.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...