Abafundi bamtshele emehlweni uPravin Gordhan ukuthi ‘ungumdayisi’

2017-07-27 09:34

Johannesburg – Lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, ubizwe ngomdayisi ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngokulawulwa kombuso kanye nokuguqulwa ngokushesha kwezomnotho, nebibanjelwe e-University of Johannesburg ngoLwesithathu ntambama.

Ngaphambi kokuba aqale ukukhuluma, iqeqebana labafundi abebegqoke okuyimibala ye-EFF bebecula bethi: “Gordhan sitshele ukuthi yini [uMengameli Jacob] Zuma aseyenzile”.

Abafundi bajoyinwe elinye iqeqebana ebeliphethe amafulegi e-ANC.

Lowo owayeyiSekela likaGordhan, uMcebisi Jonas, ubeyingxenye yethimba ebelibambe iqhaza kule nkulumompikiswano.

Izikhathi eziningi ngesikhathi ethula inkulumo, abafundi bahhahhameze uGordhan baphinde bambiza ngomdayisi.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN isibeke ngokusemthethweni amacala uMakhosi Khoza

“Ukulawulwa kombuso, kubeke kucace, ukuntshontshwa kwezikhungo ezithize zikahulumeni yiqeqebana elincane labantu ukuphela kwenhloso yabo okuwukufaka imali kuphakathi kokuthi isemaphaketheni abo eNingizimu Afrika noma kuma-account asebhange eDubai. Kulabo benu abangihhahhamezayo kusho ukuthi niyakugunyaza ukulawulwa kombuso,” utshele izethameli.

Abanye abafundi baphinde batshela uGordhan ukuthi uqamba amanga ngesikhathi ekhuluma ngeqhaza elabanjwa yinkampani eyakha isithombe esihle ngamakilayenti ezinze e-UK, iBell Pottinger, ekulawulweni kombuso.

Ube esencoma uJonas ngokuthi wanqaba ‘ukuthengwa’ abakwaGupta, nokosolwa ukuthi bamnunusela ngesamba semali engu-R600 million kodwa wanqaba.

Ngonyaka owedlule iSunday Times yabika ukuthi u-Ajay Gupta kusolwa ukuthi wathembisa uJonas le mali, kanye nesikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezeziMali, uma “ezosebenza nathi” esivumelwaneni sika-R1 trillion sokuphehlwa kwamandla ngohlelo lwenuzi (nuclear deal).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...