Abacwasi kumele basishiye ngokuthula baye e-Australia, kusho uMalema

2018-03-22 11:01

Mpumalanga - Abacwasa ngokwebala kumele baye e-Australia – kepha bangakhohlwa wukushiya izikhiye zezinsizakusebenza kanye nezezakhiwo ezingaphansi kwamagama abo, kusho umholi we-EFF uJulius Malema eralini yoSuku lwamaLungelo aBantu obuseMpumalanga ngoLwesithathu.

"Izwe elifana ne-Australia elicwasa ngokwebala lithi…'I-EFF ifuna ukubulala abalimi abamhlophe - ngakho kumele bafudukele e-Australia'," kuchaza uMalema eMpumalanga Stadium. "Uma befuna ukuhamba, mabahambe."

Nokho, ube esenanela ngokuthi: "Kumele bashiye izikhiye zogandaganda ngoba sifuna ukusebenza umhlaba; bashiye izikhiye zezindlu zabo ngoba sifuna ukuhlala kuleyo mizi."

OLUNYE UDABA: Akuboshwe indodana kaJacob Zuma - Malema

"Kumele bashiye yonke into abangafikanga nayo eNingizimu Afrika."

Uthe abafuna ukuhamba "abasishiye ngokuthula" ngoba labo abazosala "bazoba matasa".

"Ningasibangeli umsindo ngoba nizosinenga."

Uthe ukholelwa ekutheni labo abazofudukela e-Australia, bazofike badle imbuya ngothi khona. "Bayizimpunyela kuleli ngoba badlala ngabantu abamnyama."

Uthe labo abahambayo bazogcina ngokubuya sebenamahloni bese ngaleso sikhathi "siyabaqasha ngoba vele yithi esizobe sesingabanikazi bamapulazi", esho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...