Ababukeli bafuna i-etv ibuyise amafilimu ocansi

2016-11-25 13:34

Johannesburg - Ingcosana yababukeli  besiteshi sakumabonakude esizimele i-e.tv bafuna kubuyiswe amafilimu ocansi ayedlala phakathi kwamabili.

Lesi siteshi kubikwa ukuthi sasinababukeli abalinganiselwa ku-1.6 million ababebukela iziqephu zomdlalo wocansi i-Emmanuelle, ngaphambi kokuba zikhishwe kuso.

OLUNYE UDABA: "Bukisani izingane amafilimu ocansi"

Ababukeli babele enkundleni yezokuxhumana uTwitter becela ukuba abakwa-e.tv babuyise amafilimu ocansi kulesi siteshi.

Kusukela ngoLwesine ebusuku iningi libonakale liyingxenye yomkhankaso othi #BringBackR18MoviesOnETV.

Isikhulu esiphezulu okuyiso esiphethe njengamanje kwa-e.tv, uMarlon Davids, sithe amafilimu ocansi ayekwa ukutshengiswa ngemizamo yokuziqhelelanisa nalolu hlobo lwamafilimu.

 - TshisaLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...