Ababili bazibulele ngemuva kokuthola imiphumela ka-matric

2018-01-06 11:08

Nelspruit – Umfundi obenza umatikuletsheni uzibulele ngoLwesihlanu eSchoemansdal eMpumalanga ngemuva kokuthola ukuthi akaphasanga.

Kanti omunye futhi kuthiwa naye uzibulele eWaterval Boven kusona lesi sifundazwe ngemuva kokutholaka ukuthi uphumelele kodwa nge-higher certificate, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthi amahoyisa aseSchoemansdal eHlanzeni athole umbiko ngezithuba zabo-08:00 ekuseni mayelana nowesilisa ozilengisile.

“Amaphoyisa anikele endaweni yesigameko, athola isidumbu sowesilisa sidindilize phansi, sinentambo kagesi emqaleni,” kusho uHlathi.

Akazange asho ukuthi isidumbu sitholakale emzini wakubo kamufi yini.

OLUNYE UDABA: Senyukile isibalo seziboshwa eziphase kahle umatikuletsheni

“Enye intambo kagesi ibisele ophahleni lwendlu. Uphenyo lwesikhashana luveza ukuthi owesilisa uzilengisile ngemuva kokuthola ukuthi akawuphasanga umatikuletsheni. Imiphumela kamatikuletsheni ubeyithile nge-SMS.”

Amaphoyisa aphinde athola omunye umbiko emini mayelana nowesilisa oneminyaka engu-18 ubudala ozilengisile eWaterval Boven eNkangala, kuqhuba uHlathi.

“Amaphyisa anikele endaweni yesigameko, athola isidumbu sowesilisa sidindilize phansi,” kusho uHlathi.

“Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi uzilengise ngentambo kagesi ebibonakala isemqaleni wakhe. Imiphumela ubeyithole nge-SMS, wathola ukuthi uphasa nge-higher certificate.

Kuvulwe madokodo amabili ukuze kwenziwe uphenyo, kusho uHlathi.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...