Ababhikishi bavale umgwaqo ngaseMidrand bekhala ngentuthuko

2017-03-06 12:31

Johannesburg – Ababhikishi sebevale imigwaqo ngamatshe kanye namathayi avuthayo e-Olievenhoutbosch, eduze naseMidrand, ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseTshwane, uSenior Superintendent Isaac Mahamba, uthi bekunemashi ebihlelwe yiqeqebana elizibiza ngeConcerned Residents of Olievenhoutbosch.

OLUNYE UDABA: Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi eThekwini

“Bamashela izinkinga zezidingo zomphakathi endaweni. Azikho izigameko ezisabikiwe okwamanje, kodwa-ke, isiminyaminya sezimoto sisesikhulu endaweni,” kusho uMahamba.

Umgwaqo u-R55 uvaliwe. Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Kay Makhubela, uthe ukuhamba kwezimoto kule ndawo kume nse.

Kodwa-ke uMakhubela uthe isimo sizinzile. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...