Zizofakwa endalini izimpahla zikaMalema

2013-02-21 10:02

Johannesburg - Izimpahla zalowo owayengumengameli we-ANC Youth League owaxoshwa, uJulius Malema, zizodayiswa esidlangalaleni ngoLwesihlanu, kubike iThe New Age ngoLwesine.

Okhulumela iSA Revenue Service u-Adrian Lackay uthe kushaqwe izimpahla zikaMalema, okubalwa nepulazi lakhe.

"Impela, uMalema usethathelwe isinyathelo ngoba ukweleta iSars u-R16.1 million. Ngeke ngakwazi ukudalula amanani ezimphahla zakhe ezizodayiswa esidlangalaleni kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi phakathi kwazo kukhona nepulazi lakhe.

"Sinomyalelo wenkantolo ngakho manje sekumele sizidayise izimpahla zakhe ukuze kubuye imali ayikweletayo," kusho uLackay.

Abameli baseBrian Kahn Attorneys bathe ngoLwesithathu abasammele uMalema.

Izizathu zokuthi kungani le nkampani yabameli ikhethe ukumshiya uMalema ziyimfihlo, kusho ummeli uNicqui Galaktiou.

"Asimlaxazanga... kodwa asisamsebenzeli uMalema," usho kanje.

Phambilini ngoFebhuwari, uGalaktiou wathi le nkampani yayalelwa ukuba ifake amaphepha okuphikisana nesicelo esafakwa iSARS eNkantolo eNkulu ePitoli sokuba kushaqwe izimpahla zikaMalema.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-25°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...