Ziyinkinga izindaba ezinhle - Abahleli
2012-11-23 16:30
Johannesburg - Yize noma amaphephandaba ebika izindaba ezinhle, imvamisa zishaywa indiva ngabafundi banake lokhu okumbi kuphela okubikwe yiphephandaba, kusho umbiko engqungqutheleni ebekudingidwa kuyo ngendima yabezindaba.
"Sihlala sizibhala izindaba ezinhle, kodwa ake ukhumbule nawe usakhula. Ukhumbula kangcono umuthi omumbi abazali ababekuphuzisa wona kunokhumbula amajuzi amnandi ababekunika wona," kusho umhleli weMail & Guardian uNic Dawes.
"Ziningi izindaba ezinhle esibika ngazo kodwa azinithukuthelisi, azininiki umfutho njengezindaba ezingezinhle esinibikela zona."
Umhleli weCity Press uFerial Haffajee uthe imithombo eminingi yabezindaba ayizibhali izindaba ezinhle.
"Ephephandabeni iCity Press siyaqinisekisa ukuthi ziyatholakala izindaba ezinhle nezijabulisayo. Ngiyazi kodwa abantu abaziboni ngoba basuke bejahe ukufunda ngeNkandla nemikhonyovu yamathenda."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).