Ziyaqhubeka izidubedube eSoweto

2015-01-23 18:36

Johannesburg - Kubulawe okungenani abantu abathathu kusukela kusuke isidumo abantu bezitapela ezitolo zabantu bokufika eSoweto, eningizimu neGoli, kusho amaphoyisa.

Omunye wabashonile ngowesilisa, 19, odutshulwe eNaledi ngo-19:00 ngoLwesithathu, kusho uLt-Gen Solomon Makgale ngoLwesihlanu.

"Sesishaqe zonke izibhamu ebeziphethwe ngamaphoyisa abejutshwe kuleya ndawo, kanti abekhona ngesikhathi umufi edutshulwa,” esho.

OLUNYE UDABA: 'Buphi ubuntu eSoweto?'

"Sesiyazisile i-Independent Police Investigative Directorate ngalolu daba kanti kumanje kuqhutshwa uphenyo.”

Iphephandaba iThe Star libike ukuthi uNhlanhla Monareng, 19, udutshulwe ngesikhathi amaphoyisa edubula ebhekise esixukwini.

Isisulu sokuqala kwaba nguSiphiwe Mahori, 14, okuthiwa wadutshulwa ehamba nequlu elalizama ukugqekeza isitolo sabadabuka eSomalia.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...