Ziyanconcoza izingane ngokubulawa kwegongo

2012-11-22 10:07

Johannesburg - Abafundi esikoleni samabanga aphakeme iPhineas Xulu Secondary bathi babonga bayanconcoza bathi bakhululeke phakathi njengoba kubulawe umfundi obesolwa ngokuba yibhoklolo.

Umfundi oneminyaka engu-18 ubudala uboshiwe mayelana necala lokudubula abulale uNkululeko Ndlovu, lona wadutshulelwa egumbini lokufundela, kusho iphephandaba iThe Star.

Umfundi uboshiwe kuthiwa usebenzise isibhamu sikamama wakhe oyiphoyisa.

Umama womfundi oboshiwe utshele izindaba ze-Eyewitness News wathi indodana yakhe ingumuntu ophansi, uthi ubengakaze ezwe ngosizi lokugcwanekwa ebibhekene nalo esikoleni.

Umama uthi ukhathazekile ngekusasa le ndodana yakhe.

“Ngiphatheke kabi ngoba lokhu kwenzeke kumntanami”.

Abafundi bona bathi bakhululeke phakathi ngokufa kukaNdlovu, othathwa njengebhoklolo.

“Besingakwazi nokuya ezindlwini zangasese ngoba simesaba. Ngelinye ilanga ngisendlini yangasese wangena wangidonsa ngesitho sami sangasese wangiphuca imali. Abangani bakhe babemile bebukela bengihleka," kusho omunye wabafundi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Morning clouds. Mild. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...