Ziya esihogweni zonke izinkonkoni - Umfundisi
2012-08-21 10:06
Durban - UMfundisi uVusi Zondi webandla iFull Gospel Church uzishiye zibhodla umlilo izinkonkoni ngesikhathi egxeka indlela yokuziphatha kwenkonkoni ebulewe uFani Mchunu, 20, wakwaMashu.
UMchunu wagwazwa wabulawa ngowesifazane owabe emsola ngokumthathela isoka.
Umfundisi uZondi utshele ekade behambele inkonzo yomngcwabo wathi: "Ayikho indawo yezinkonkoni ezulwini. Kumele ziye esihogweni."
“Abantu abathandana nobulili obufana nobabo abamukelekile emphakathini yethu. Bayosha esihogweni," kuqhubeka yena umfundisi.
“Ngempela bacabanga ukuthi bangabesifazane abanjani abangayi ezinsukwini zabo njalo ngenyanga? Indlela nje abaziphathangayo, bakhwelwe abadimoni."
Ekhuluma ne
DailySun uJames Khoza, 32, ongumngani kamufi, uthe unengekile yizinkulumo zikamfundisi.
“Kumele axolise emphakathini, asizenzi njengoba sinjena, indlela esazalwa ngayo nathi," kusho uJames obethukuthele ethelwa ngamanzi.
UThemba Mkhize, 35, wenhlangano yabantu abathandana nobulili obufanayo KwaMashu uthe umfundisi uphambuke kakhulu.
“Akakhulumanga neze yena kahle, ukube bengikhona emngcwabeni bengizomfundisa isifundo. Kumele axolise kubantu abayizinkonkoni."
Umfundisi walile ukukhuluma nephephandaba.
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun
kumakhalekhukhwini wakho
- Thola izindaba zeDaily Sun
kuFacebook
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Daily Sun