Zivele enkantolo izithandani ezephule umthetho
2013-01-11 11:01
Johannesburg - Izithandani
zaseNorth West zivele enkantolo eRustenburg Circuit Court ngemuva kokwehluleka
ukwenza njengokomyalelo ovimbela ukusetshenziswa kwempahla yazo, kusho
iNational Prosecuting Authority, ngoLwesihlanu.
Okhulumela
i-NPA esifundazweni uPhaladi Shuping uthe uMarthie no-Andries Mulder bavele
enkantolo ngoLwesine ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseNorth West, ikhiphe umyalelo ngoSepthemba 23, 2011.
"Inhloso
yomnyalelo kwakungukumisa ukusetshenziswa kwempahla yabo kuze kuphothulwe
icala ababhekene nalo," usho kanje esitatmendeni.
"Kutholakale
ukuthi uMarthie Mulder uyasoleka ekukhwabaniseleni inkampani iVan Velden and Duffey
Attorneys...kusolakala ukuthi wathatha imali yenkampani wayifaka kwi-account yakhe neyomyeni wakhe. Imali ilinganiselwa ngaphezulu
kuka-R5 million."
Lona wesifazane wayeqashwe
njengonobhala engamele ukuphathwa kwamafayela eVan Velden and Duffey
Attorneys, mayelana nezimali ezisuke zitholwe ngezingozi zomgwaqo.
NgoNovemba,
kutholakale ukuthi abakwa Mulders basuka bayohlala kwenye indawo
kwase kwenziwa uphenyo olunzulu.
"Ngokombandela
womyalelo wenkantolo, uMulder unomsebenzi wokuthumela incwadi efungelwe
ekhombisa imali ayisebenzisile nengenile zinyanga zonke,” kusho uShuping.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).