Zithuthelwe kwamanye amajele iziboshwa
2013-01-11 07:39
Johannesburg - Zilinganiselwa ku-510 izephulamthetho ebezigcinwe ejele laseGroenpunt, eFree State, esezithuthelwe kwamanye amajele, kusho umbiko wezikhulu.
Iziboshwa ezilinganiselwa ku-350 ziyiswe ezindaweni ezikude, kusho iPhini likaKhomishana wezamaJele uGrace Molatedi.
Abayiswe kude kakhulu, yilabo abadonsa iminyaka emide.
"Bayiswe emajele akoNorth West, Mpumalanga, Limpopo, Gauteng kanye naKwaZulu-Natal," eqhuba.
NgoMsombuluko iziboshwa zavuka umbhejazana zashisa ijele, ngenhloso yokuzwakalisa ukungahambisani nempatho ezingaphansi kwayo.
Kugcine kulimala ojele abane neziboshwa ezilinganiselwa kwezingu-50.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSbu Ndebele ukugxekile lokhu okwenzeke kuleli jele wathi umbhidlango weziboshwa angeke ubekezelelwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).