Zitholakele izidumbu zabafana abaminza

2013-02-06 14:04

Johannesburg - Izidumbu ezimbili zabafana abaminza ngesikhathi bebhukuda eRitavi River zitholakale ngaseNkomo B, eLimpopo, kusho uMasipala waseGiyani ngoLwesithathu.

Izidumbu zala bafana abaneminyaka engu-9 no-10 ubudala, zitholwe ngumphakathi ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokuthi beminze ngoMsombuluko ntambama, kusho okhulumela umasipala uSteven Mavunda.

"Ulwazi esilutholile elokuthi bebebhukuda kulo mfula, thina sibikelwe yikhansela lendawo ngokuminza kwabo."

Ukuthungathwa kwezidumbu kuqale ngoLwesibili ekuseni ngenxa yokuthi izikhulu zafika sekuhwalele endaweni yesigameko ngoMsombuluko.

UMavunda uthi bangu-10 abantu asebeminze eLimpopo kusukela ngoJanuwari.

"Sicela umphakathi, ikakhulukazi abazali, ukuba bayale izingane zabo ngobungozi bokubhukuda emifuleni," kusho uMavundla.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...