Zisinde ngokulambisa izithandani emlilweni

2012-10-19 12:02

Durban - Ziphume ngesamagundane izithandani zaseThekwini ngesikhathi kuqubuka umlilo emzini wazo ose-Overport, kusho umbiko wakamuva weNewswatch.

Kusize izicimamlilo zaseThekwini nomakhelwane ngesikhathi kuqubuka umlilo ngasemgwaqeni uJuniper Road ezintathakusa.

Kukholakala ukuthi umlilo udalwe yikhandlela.  

U-Alfred Newman okhulumela abezicimamlilo eThekwini uthi bakwazile ukutakula indoda nowesifazane abebehaqwe umlilo.

"Sifike umlilo ususha ubuhanguhangu."

"Abacimi bomlilo bangene ngesango langemuva bakwazi ukutakula izithandani ebezingaphakathi endlini.

"Sibe sesibanika usizo lokuqala, sakwazi nokucima umlilo."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 9-18°C Showery. Morning clouds. Mild.
Jhb: 6-12°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 5-10°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 10-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-15°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...