Zishayisa ngamahloni izingozi eKZN - Mchunu

2012-12-03 10:03

Durban - Balinganiselwa ku-110 abantu abashona emigwaqeni yaKwaZulu-Natal zinyanga zonke, kusho uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uWillies Mchunu.

UMchunu ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesiShayamthetho sesifundazwe ngezindaba ezithinta uMnyango wakhe.

Uthe izibalo zezingozi nokufa kwabantu akushayisi nje ngamahloni kuphela, kodwa kutshengisa nokungabekezelelani kwabashayeli eKZN.

Ngomkhankaso we-Operation Valingozi, izikhulu zihambele abanikazi bezindawo zokucima ukoma babakhuthaza ngokuthi badayise utshwala ngendlela ehlelekile.

Bezikhuluma nabantu abahambela kulezi zindawo ngezingozi zokuphuza bese bayashayela.

Phakathi kuka-Ephreli noNovemba 2011 nangesikhathi esifanayo ngo-2012, lezi zibalo zehla ngo-397.

Kwabikwa izingozi ezingu-1 483 ngo-2011, kwathi ngo-2012 zaba ngu-1 086.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...