'Ziphathwa ngendlela iziboshwa ezikhubazekile'
2013-02-20 12:01
Johannesburg - Iziboshwa ezikhubazekile ziphathwa ngendlela enesithunzi nenhlonipho futhi zinamalungelo afanayo nalezo ezingenakho ukukhubazeka, kusho uMnyango wezokuHlumelelisa iziMilo ngoLwesithathu.
"Akukho siboshwa esincishwa ilungelo laso, baphathwa ngesizotha nangenhlonipho ebafanele," kusho umkhulumeli woMnyango uKoos
Gerber.
Odabeni oluthinta umsubathi u-Oscar Pistorius obhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp, uGerber uthe uPistorius angeke aphucwe imilenze yakhe yokufakelwa, uma etholakala enecala.
"UMnyango unesibopho sokunakekela zonke iziboshwa ngendlela. Siyabalekelela abakhubazekile, sibahlinzeke ngalokhu okungaba wusizo," kuqhuba uGerber.
"Uma nje ngingenza isibonelo, impumputhe ihlaliswa nabantu ababonayo kuze izokwazi ukuthi isizakale.....ayivalelwa yodwa."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA