Ziphatheni kahle bafundi – Cosas

2011-12-09 16:31
Yabelani Shicilela

Durban - Uyagxekwa umkhuba wokubhiyoza kwabafundi abasuke bephothula izivivinyo zabo zokugcina kwa-matric njengoba iningi labo lidabula liphinde libhale imifaniswano, kubika iSolezwe.

Inhlangano yabafundi iCosas esifundazweni, ithi kumele abafundi bazijwayeze isiko lokuphana, babekele abanye abafundi abasuke beseza abangenawo umfaniswano wesikole.

Le nhlangano ithi baningi abafundi abasuke behlwempu abangahlomula ngale mifani-swano esuke isidatshuliwe.

Lo mkhuba usuka kudala kanti abafundi baye babeke izizathu zokuthi basuke bengeke besabuyela esikoleni ngemuva kweminyaka engu-12 ngakho benza noma yikanjani.

Abanye bathi lokhu kungenye yezindlela zokuzikhumbuza ukuthi babefunda nobani njengoba bebhalana amagama abantu abebefunda nabo.

USihlalo weCosas, uSizophila Mkhize, uthe yinto engemukelekile ukudabula imifaniswano njengoba bebaningi abaswele.

Uthe uma beqhubeka nokuwadabula kusho ukuthi ababacabangeli abanye abangasizakala abadinga imifaniswano.

UNaomi Madiehe, obefunda eSolemamba Secondary, uthe akazange awudabule umfaniswano wakhe ngoba ubekele udadewabo ozowusebenzisa ngonyaka ozayo.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...