Ziningi izigebengu eKapa - Umbiko

2012-09-25 10:02

Cape Town - Ukuyengwa kwabafanyana ukuthi bajoyine amaqembu ezigelekeqe kanjalo nokudedekwa kwezinye emajele kungase kube yikhona okudala zande izehlakalo zobugebengu edolobheni iKapa, kusho umbiko ngoLwesibili.

Iphephandaba iCape Times libike ukuthi okungenani bayisishiyagalolunye abantu asebebulewe ezehlakalweni ezihlobene nodlame lwamaqembu ezigelekeqe, esikhathini esiyizinyanga ezimbili vo.

Okhulumela iManenberg Community Police Forum uKader Jacobs uthe esikhathini esingamasonto ayisishiyagalombili kubikwe ngezigameko eziningi zokudubula kule ndawo.

Uthe esinye sezizathu ezinkulu ezidala ukwanda kwamaqembu ezigelekeqe, ukudedelwa kwazo emajele, wathi esinye kuba yindlela ekungenwa ngayo emaqenjini okuba wukuthi ubulale othile bese wamukeleka eqenjini.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 12-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-19°C High level clouds. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...