Zingase ziphume sezinemali iziboshwa ejele

2012-11-20 12:06

Johannesburg - Isiboshwa esiziphethe kahle kungenzeka sithi sidedelwa ejele sibe sesifumbethe isamba esilinganisela ku-R20 000, njengamali ezosisiza siqale kabusha impilo, ngaphandle kokwephula umthetho.

Lokhu kungenzeka kuphela uma isiboshwa sizovuma ukuhlumeliswa isimilo siphinde sibe nenhlanhla yokuqashwa sisebenze imisebenzi yangaphakathi ezinhlelweni zoMnyango wezamaJele, kusho uNgqongqoshe woMnyango uSbu Ndebele, ekhuluma nabezindaba zeSowetan.

UNdebele usho kanjena ekhuluma eBoksburg, kuhlangene izinhlaka ezehlukene kudingidwa ngengwadla yokugcwala kwamajele, ezinye izindlela zokugweba izephula mthetho kanjalo nezinye izinto ezithinta izigwebo emazweni ase-Afrika.

Izinhlelo zamabhizinisi ekuzosebenza kuwo iziboshwa ziwuhlelo oluvele seluyaqhubeka.

Iziboshwa zisiza ezinhlelweni ezithinta ezolimo kanye nokwakhiwa kwefenisha esetshenziswa emiNyangweni kahulumeni, enye ithengiselwe umphakathi.

UNdebele uthi iziboshwa zizohola ngemisebenzi eziyenzayo kodwa imali ziyoze ziyithole uma sezidedelwa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...