Zingase zingene enkingeni izikhothane

2012-11-13 14:02

Johanensburg - Amalungu eqembu loswenka izikhothane ashiye abantu becishe benyathelana bejaha imali eyamaphepha o-R100 ebebeyidabula bayikhiphe ngamawindi ezimoto eBraamfontein, eGoli ngoMgqibelo, kubika iSowetan ngoLwesibili.

Lesi sigejana sentsha sidume ngokudabula izimpahla zikanukusho, nokuthi yikhona okutshengisa ukuthi banemali kangakanani.

Ukudabula kwabo imali kudale isiphithiphithi ngesikhathi abantu bebhuduzela bezama ukunqaka le mali.

Okhulumela iBhange loMbuso uHlengani Mathebula utshele leli phephandaba ukuthi ukudabula imali kuyicala elibomvu, “Ngenxa yokuthi baphambana nomthetho uSection 34(F) weSA Reserve Bank Act 90 of 1989.

“Ngisho kungathiwa lokho ukwenza ngasese noma esidlangalaleni, akwamukelekile."

Abantu ababanjwa bedabula imali bazobhekana nokucekela phansi impahla yoMbuso.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 2-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 12-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...