Zinezigqinamba nezikole ezizimele - Isasa

2012-12-05 14:02

Johannesburg - Awuqondile kahle umqondo wokucabanga ukuthi zonke izikole ezingekho ngaphansi kukahulumeni, zisesimweni esingcono, lowo umqondo owedukile, kusho abe-Independent Schools' Association of SA (Isasa), ngoLwesithathu.

Umkhulumeli we-Isasa uPrim Gower uthi zikhona izikole ezizimele ezidinga uxhaso.

"Iqiniso wukuthi kunezikole ezizimele ekumele engabe ziyaluthola uxhaso, lezi zikole zikhokhisa imali ephansi ekhonekayo. Angeke kwathiwa zingcono kunezikole ezingaphansi kukahulumeni."

I-Isasa isho kanjena ngesikhathi iphendula uNgqongqoshe woMnyanho wezeMfundo u-Angie Motshekga, ophawule wathi akumele kuqhathaniswe izikole ezizimele nalezo zikahulumeni.

Ungqongqoshe usho lokhu ekhuluma nephephandaba iCape Times ngoLweibili, ngemuva kokudedelwa kwemiphumela yabafundi ababhale ukuhlolwa kukazwelonke.

UMotshekga ukhale ngokugcwala kakhulu ezikoleni zikahulumeni, wathi: "Angeke uqhathanise ama-aphula nobhanana."

Imiphumela yabafundi bakwa-Grade 1 kuya ku-Grade 9, babhala ukuhlolwa ngoSeptemba, iveze ukuthi bancane kakhulu abafundi abakwazi ukubhala nokubala.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-31°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...