Zimkhalele uthisha ngelokukhwabanisa eKZN
2013-02-22 12:04
Durban - Kuboshwe uthisha osolwa ngokukhwabanisela umshwalense imali engu-R6 million, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.
UCaptain Thulani Zwane uthe le ndoda, 44, ziyikhalele ngesikhathi isematasa iqhuba umsebenzi wayo esikoleni esiselokishini eMadadeni ngoLwesine.
Kwaphinde kwaboshwa abanye abantu abane ngoFebhuwari 2 mayelana nalo leli cala, okubandakanya nesisebenzi sasemakhazeni nosomatekisi wendawo.
"Ngemuva kokuboshwa kwala basolwa abane, umnikazi wamakhaza watholakala edutshuliwe washona eBesters ngaseLadysmith," kusho uZwane.
Uthe amaphoyisa asaphenya ngokubulawa kwakhe njengoba bengakabophi muntu okwamanje.
"Okwamanje akucaci noma ukubulawa kwakhe kuhlobene na nalo mkhonyovu," kuqhuba uZwane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA