Zimkhalele umfundisi ngelokudlwengula
2013-02-13 08:16
Rustenburg - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela umfundisi, 29, wasePhokeng, ngaseRustenburg, ngezinsolo zokudlwengula intombazane, 17, kusho amaphoyisa aseNorth West.
UBrigadier Thulani Ngubane uthe umfundisi lo ubevakashele ibandla iPerish for a Crusade, ePhokeng, isikhathi esiyisonto.
Uthandazele le ntombazane ngesikhathi kunezinkonzo, kokunye wayilanda nomngani wayo ukuba bazomsiza ukuhlanza isonto ebusuku.
NgoLwesibili, ube esecela ukuyihambisa esikoleni, yavuma.
“...Esikhundleni sokuyiyisa esikoleni, umsolwa ujikele esikhotheni esiseduzane wafike wayidlwengula," kusho uNgubane.
“Izakhamuzi ezibone imoto kamfundisi isithela emahlathini zibe sezibiza amaphoyisa, nabe esembamba oqotsheni eqhoqhobele ingane."
Umfundisi lo uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBafokeng ngoLwesithathu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA