Zimkhalele umama obedayisa ngengane yakhe

2012-11-12 10:01

Cape Town - Ugcine eboshiwe owesifazane mayelana nezinsolo zokuthi ubebiza amadoda u-R50 ukuze ezolala nendodakazi yakhe, 13, ngokusho kombiko ngoMsombuluko.

Ngokombiko weDaily Voice lo wesifazane uboshwe ngoLwesihlanu kanti kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Atlantis ngasekupheleni kosuku ngoMsombuluko.

Kuvulwe icala lokuhlukumeza ngokocansi ngemuva kokuthi le ngane ibhobokele umngani wayo ngalokhu kuhlukunyezwa.

Umngani ube usebikela uthisha, nobe esehlaba umkhosi emaphoyiseni.

Le ngane ithi yayibukiswa emadodeni emashibhini isebenza njengesigqila socansi.

Kuthiwa umama wayo ubethenga utshwala ngemali ayithola uma le ngane isilale namadoda.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...