Zimkhalele ubaba obulale izingane

2012-10-23 08:04

Johannesburg - Zimkhalele ubaba wezingane ezinhlanu ozame ukuzingqongqisa zonke ngomlilo kodwa kwashona ezimbili kuphela.

Lo baba wezingane oneminyaka engu-27 ubudala waseVanderbijlpark, kuthiwa uvalele izingane endlini wase okhela umlilo, izingane ziseminyakeni ephakathi kwezinyanga eziyishumi nanye kuya eminyakeni eyisikhombisa ubudala.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kinnie Steyn uthi izingane ezintathu eziseminyakeni emibili kuya kweyisikhombisa, zikwazile ukuphulukundlela kwashona enezinyanga eziyishumi nanye nenye eneminyaka emibli ubudala.

Izidumbu zezingane ezishonile zitholakale ngemuva kokuthi sekucishwe umlilo.

USteyn uthe ubaba wezingane ubanjwe esemzini oseduze, uthe uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVanderbjlpark maduzane.
 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-34°C Sunny. Extremely hot.
Jhb: 16-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-35°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...