Zimkhalele owesifazane ngokubulala umyeni

2012-11-13 14:02

Johannesburg - Kuboshwe owesifazane ngemuva kokutholakala kwesidumbu sendoda, 46, okukholakala ukuthi ngesomyeni wakhe, eLenasia, eningizimu neGoli, kusho amaphoyisa aseGauteng.

UWarrant Officer Kay Makhubela uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngoMsombuluko ebusuku ngokuthi lo wesifazane, 47, nomakhelwane bakhe babulale bagqiba le ndoda ngo-Okthoba 7.

"Amaphoyisa alandele umkhondo kwaze kuba lo wesifazane uyavuma watshengisa amaphoyisa lapho egqibe khona umyeni wakhe. Kube sekutholakala isidumbu sayiswa emakhazeni kahulumeni."

Kuphinde kwaboshwa amadoda, aneminyaka engu-23 no-36, nabesifazane abaneminyaka engu-29 no-34 ubudala.

Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa.

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi eProtea kungekudala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 16-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...