Zimkhalele owebe impesheni

2011-08-22 16:28

Durban - Zimkhalele emsebenzini owesilisa osebenza ehhovisi lezimpesheni eThekwini, osolwa ngokuqola owesifazane imali engu-R28 000 yempesheni yakhe yokugula ebivaleke kusukela ngo-2008, kubika iphephandaba iSolezwe.

Lona wesilisa kuthiwa usebenzisana namantombazane thizeni awabiza ngabammeli.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini uKaputeni Khephu Ndlovu uthe umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu emini ngemuva kokuba uNompumelelo Jali, 49, evule icala ngokuqolwa kwakhe impesheni.

UJali ubephunyelwe yimali engu-R43 380 yempesheni yakhe. Umsolwa wamqola enye ingxenye ka R28 000 wamshiya no R15 380 kuphela.

Ngokusho kukaJali waseNagina ngaseMariannhill, wathola ucingo kulona wesilisa ngoJulayi 1 olwathi akafike emahhovisi ezempesheni ngoJulayi 4 njengoba wayebhalisele imali yempesheni eyabe ivaleke ngo-2008.

Amaphoyisa akakavezi lutho ngabanye abasolwa.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 10-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...