Zimkhalele owamagqomoza abethukuse izidakamizwa

2014-08-15 11:34

Cape Town – Owesifazane, 33, nesoka lakhe bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKapa ngemuva kokuthi amaphoyisa emlalele unyendle eyolanda iphasela elinezidakamizwa esokeni lakhe.

Kuthiwa lezi zidakamizwa, ezingadayisa u-R180 000 ngentengo yasemgwaqeni, bezithukuswe emagqomozeni amabili ezicathulo, kusho okhulumela amaphoyisa u-FC Van Wyk, kubika iCape Times.

Kuthiwa owesifazane ulande leli phasela eposini elisenkabeni yedolobha ngemuva kokuthi amaphoyisa asemngceleni kanye nawezobunhloli ekhethe “ukuqapha ukudilivwa kwaleli phasela”.

“Owesifazane uthuke woma esefika eposini elindwe abakwasidlodlo,” esho.

UVan Wyk uthi kube sekuboshwa isoka lalo wesifazane khona eKapa.

Izithandani lezi zibekwe amacla okushushimbisa izidakamizwa.

Izidakamizwa lezi bezihlohlwe ezithendeni zamagqomoza.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...