Zimkhalele owadumela izisebenzi ngefosholo

2014-11-10 16:02

Durban - Owesilisa, 23, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngecala lokuhlasela ngefosholo izisebenzi ezimbili egalaji likaphethiloli oThongathi, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe le ndoda kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesibili ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa ohlasele emahhovisi kahulumeni

Kuthiwa le ndoda iqophisane ngamazwi nalezi zisebenzi egalaji likaphethiloli elikuWatson Highway ngesikhathi iyofaka uphethiloli ngoMgqibelo ebusuku.

Akucaci ukuthi ingxabano isuswe yini.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...