Zimkhalele osolwa ngokubulala isalukazi eKapa

2015-05-20 12:25

Cape Town – Kuboshwe owesilisa mayelana nesigameko sokugetshengwa kubulawe isalukazi, 86, esitholwe sishonile emzini waso oseBellville, eKapa, ngesonto eledlule.

Amaphoyisa athola isidumbu salo wesifazane egumbini lokulala ngoLwesihlanu ngabo-16:00, kusho okhulumela amaphoyiska uConstable Noloyiso Rwexana.

“Izingalo zikamufi zaziboshelwe ngemuva elimele ekhanda. Kwabe sekuvulwa icala lokubulala, uphenyo lwaholela ekuboshweni kwendoda, 42,” esho.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isalukazi e-PE

Iphoyisa elisondelene nophenyo litshele iNews24 ukuthi isidumbu sitholakale ngemuva kokuthi amaphoyisa afune umnikazi weHyundai eyatholakala ishiywe kanjalo eBloekombos.

“Amaphoyisa athi engqongqoza kulo muzi kwangaphendula muntu. Umakhelwane wayenokhiye ohlala kuye, kwathi uma kuvulwa kwatholakala isalukazi sibulelwe,” kuqhuba uRwexana.

Kukholakala ukuthi umsolwa wayeqashwe yilesi salukazi ukuba azolungisa uphahla.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...