Zimkhalele osolwa ngokubulala eKZN

2012-12-18 12:01

Durban - Lowo osolwa ngecala lokubulala nobesebalekelane nengalo yomthetho izinyanga ezine ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela eNgwelezane ngaseMpangeni, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Lo msolwa, 20, uboshwe ngoMsombuluko ngemuva kwezinsolo zokuthi wadubula wabulala uNjabulo Zulu, 38, ehostela laKwaMashu ngoJulayi 29, kusho uCaptain Thulani Zwane.

UZulu wadutshulwa ngenhlamvu eyodwa ekhanda.

Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi umsolwa useMtubatuba ukuyochitha amaholidi kaKhisimusi.

Uphenyo luholele amaphoyisa eNgwelezane, nokuyilapho eboshelwe khona.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma kungekudala ngacala lokubulala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

'Ayibulawe inja elume umzukulu wami'

Emizuzwini eyi-0 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...