Zimkhalele oshaye unkosikazi ngesando

2014-03-07 14:03

Johannesburg - Kuboshwe owesilisa okuthiwa ushaye unkosikazi wakhe ngesando eSwaneville, ngaseKrugersdorp, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesihlanu.

Isigameko senzeke ngesikhathi kunengxabano ngoLwesine, kusho uWarrant Officer Solomon Sibiya.

"Ubefuna ukuya kwenye indawo ukuyobhalisela umsebenzi ngesikhathi umsolwa emsola ngokuthi ufuna ukuya kwenye indoda," usho kanje.

"Umsolwa ube esemshaya ngesando ekhanda nasemzimbeni."

Owesifazane ubalekele endlini yangasese, wamlandela khona waqhubeka nokumshaya," kusho uSibiya.

Ulimale ekhanda kanti uphuthunyiswe esibhedlela ngokuhamba kwesikhathi.

Kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-43 ubudala wabe esegcinwa esiteshini samaphoyisa eKagiso.

Kulindeleke ukuba avele enkantolo maduzane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...