Zimkhalele ohlasele epulazini

2013-02-26 12:02

Durban - Ukhalelwe ngezakwadalawane umlisa mumbe waKwaZulu-Natal, osolwa ngokuhlasela umninipulazi nonkosikazi wakhe, ekuthiwa bahlaselwe besepulazini labo eHarburg.

Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala, uboshwe eseDalton, eMvoti, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Joey Jeevan.

Kuthiwa umsolwa nabanye ababili, bangena epulazini iBoiling Fountain, bafuna ngodli imali, bekhombe owesifazane ngesibhamu.

Umyeni wowesifazane uBruno Muhl, 50, wadutshulwa walinyazwa, ngesikhathi ethekeka ekhaya ezithela phezu kwesehlakalo.

Abaphangi bakwazi ukubaleka nesamba semali engachazwanga, kanti kumanje uMuhl, uyelashwa esibhedlela.

Umsolwa kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseNew Hanover, ubhekene necala lokuzama ukubulala, abanye ababili basagcwele amathafa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...