Zimkhalele ogence uyise ngefosholo

2015-01-13 16:02

Johannesburg - Kuboshwe indoda esolwa ngokugenca ibulale uyise ngefosholo endaweni yaKwaggafontein ngoLwesibili, kusho amaphoyisa esifundazwe saseMpumalanga.

Le ndoda eneminyaka engu-56 ubudala yahlaselwa ngesikhathi ilibangise emsebenzini ngezithuba zabo-05:00 ekuseni, kusho uBrigadier Selvy Mohlala.

Le ndoda yafa ujuqu kanti indodana yayo eneminyaka engu-26 ubudala kuthiwa yona yazivalela ekamelweni ngemuva kwesigameko.

"Ngesikhathi amaphoyisa eyibuza ukuba kungani ibulale uyise yaphendula ngokuthi uyise wayo ubeyikweleta imali yesondlo."

OLUNYE UDABA: Ungenele umndeni wawubulala ngembazo

UMohlala uthe igazi elatholakala ezimpahleni zokugqoka nasefosholeni lizohlolwa.

Le ndoda kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseMkobola ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

                                        

 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...