Zimkhalele odlwengule wazumeka

2013-02-11 12:02

Johannesburg - Kuboshwe umlisa oneminyaka engu-19 ubudala ngemuva kokulala  ngesikhathi eqeda ukudlwengula owesifazane efulethini eGoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoMsombuluko.

UWarrant Officer Xoli Mbele uthe owesifazane, 30, uhlangane nalo mlisa amaziyo ngoMqgibelo ngo-02:00 ezintatha, ngesikhathi ebuya endaweni yokucima ukoma.

"Umbambe ngenkani wamyisa efulethini lakhe okuyilapho afike amdlwengulela khona. Ube eselala nokuyilapho-ke khona isisulu esithole khona isikhathi sokunikela emaphoyiseni,” usho kanje.

Uthe amaphoyisa amfice esalele wabe eseboshwa.

Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi eGoli ngoMsombuluko.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Sunny. Cool. Pta: 19-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showery. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-26°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...