Zimkhalele obeqola abantu ngomsebenzi

2013-01-29 14:16
Yabelani Shicilela

Pretoria - Indoda yasePitoli iboshiwe ngezinsolo ezithi ithengise imisebenzi mbumbulu engu-150 000, ithembisa izisulu ukuthi ingazifaka kuMasipala wasePitoli obukhangise izikhala zomsebenzi.

Isigilamkhuba lesi besitshela abantu abafuna umsebenzi ukuthi sazana nezikhulu zikamasipala, zithi abantu abakhiphe u-R3 000, kubika iphephandaba iPretoria News.

Umasipala wakhangisa izikhala zomsebenzi ezingu-1 000, uthi abathathiwe bazoholelwa u-R3 000 ngenyanga.

Okhulumela amaphoyisa uSenior Superintendent Isaac Mahamba, uthi umsolwa oneminyaka engu-39 ubudala, ubema ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa, bese enika abantu abafomu ezicelo zomsebenzi.

UMahamba uthi amaphoyisa aqale uphenyo ngemuva kokuzwa izikhalazo ngalo mlisa.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kwenkantolo maduzane, umasipala uthi wamukele izicelo zomsebenzi ezingaphezu kuka-150 000.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...