Zimkhalele obanjwe nezidakamizwa ePMB

2012-11-30 08:15

Pietermaritzburg - Umkhankaso wokubopha labo abadayisa nabashushumbisa izidakamizwa kula maholidi uqale ngegiya eliphezulu ngesikhathi kuboshwa indoda, 40, enkabeni yedolobha eMgungundlovu.

Amaphoyisa alunywe indlebe ase elandela umkhondo.

Kuboshwe umsolwa, nokukholakala ukuthi owaseMbali, emkhankasweni lapho bekusebenzisana khona amathimba ePietermaritzburg Cluster kanye neMountain Rise Drug Task Team, kusho okhulumela amaphoyisa uLiuetenant Joey Jeevan etshela iThe Witness.

Utholakale ne-whoonga ne-cocaine.

Lezi zidakamizwa zingadayisa u-R60 000 ngentengo yasemgwaqeni.

“Amaphoyisa akholelwa ekutheni lezi zidakamizwa bezizodayiswa kulona leli dolobha, zidayiselwe nezingane zesikole eMbali,” kusho uJeevan.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Widely scattered tstorms. Afternoon clouds. Mild. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...