Zimkhalele obanjwe nezidakamizwa

2013-01-17 10:01

Johannesburg - Indoda engeyokudabuka eNigeria ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuthi kutholakale izidakamizwa zenani lika-R30 000 egumbini eqashe kulo eGermiston, kusho amaphoyisa aseKurhuleni.

Amaphoyisa athole amaphakethe angu-24 esidakamizwa iCat, i-rock, nangu-22 e-heroin, i-cocaine, i-mandrax, insangu nezinye izinhlobo, kufihlwe ophahleni lwendlu, kusho u-Inspector Kobeli Mokheseng.

Kube sekushaqwa lezi zidakamizwa namaselula amabili.

Le ndoda, 29, ibe isibekwa icala lokutholakala nokudayisa ngezidakamizwa.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston kungekudala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...