Zihlukanisile izitabane zodumo lomshado wesintu

2015-07-16 14:32

Johannesburg – Agcine eqinisekisiwe amahlebezi obese kunesikhathi esabalele ngezitabane ezazakhela udumo ngomshado wesintu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.

Ngokubika kweSowetanlive uThoba Sithole noCameron Modisane abenza indumezulu yomshado wesintu ngo-2013 bagcine ngokuhlukanisa.

Lezi zitabane zaphanduka undabamlonyeni ngomcimbi wazo owabe wenzelwe KwaDukuza enyakatho yeKwaZulu Natal owabe uxube amasiko amabili eSetswana nolwesiZulu.

Lo mshado awugcinanga ngokuba undabamlonyeni kuleli kuphela kodwa naphesheya kwezilwandle njengoba nemithombo yabezindaba yashicilela ngawo.

OLUNYE UDABA:UMrepha nomlingisi baqinisekise eyokubuyelana

Ngesikhathi zishada lezi zitabane zazikhombisa ukuthandana okuyisimanga njengoba zaze zadalula ukuthi zizimisele nokuthola abantwana.

Ngemuva kweminyaka emibili sekuphelile ngalo mshado njengoba uCameron ekhiphe isitatimende eqinisekisa ukuthi sekuphelile ngalo mshado. 

Kulesi sitatimende uCameron unxusa umphakathi umhloniphe futhi umnikeze isikhathi sokubhekana nalesi simo ngendlela yakhe.

Kulesi sitatimende uModisane asikhiphe enkundleni yakhe yokuxhumana iFacebook udalula nokuthi sekunesikhathi amgcina obengumyeni wakhe.

Uthe wayenezizathu ezinqala angeke akwazi ukuzidalula zokuqeda ngalo mshado.  

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...