Zihlanganiswe nabazali izingane eziduke olwandle
2013-01-02 11:01
Cape Town - Abezokuphepha edolobheni laseKapa bekanye nabakwaSecurity Directorate sebehlanganise izinkulungwane zezingane ebeziduke olwandle, bezihlanganisa nabazali bazo, kubika i-Eyewitness News.
Izinhlaka lezi ziqale umkhankaso obizwa nge-Indentikidz, ngenhloso yokuthi kusizakale izingane ezilahlekile, zibuyiselwe kubazali bazo.
Izingane bezifakwa amabhande anemininingwano yabazali, engalweni.
Okhulumela idolobha uWilfred Solomons-Johannes uthi zibalelwa ku-5 000 izingane ezihlanganiswe nabazali.
USolomons-Johannes uthi izingane eziningi beziduka ngesikhathi abazali begajwe wutshwala, uthe kukhona nabazobhekana namacala.
“Abantu ababheka izingane ezingenabazali bathola ukuxwayiswa kodwa kuthi uma inkinga iqhubeka bese bebhekana nengalo yomthetho.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24