Zigcwele ngokweqile izikole eKZN

2013-02-12 12:04

Durban - Zigcwele ngokweqile izikole KwaZulu-Natal, njengoba kwamanye amakilasi kunabafundi abangaphezulu kuka-90, kubike iThe Witness ngoMsombuluko.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uSenzo Mchunu uthe ngesikhathi ephendula umbuzo kwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal, kuzosetshenziswa u-R2.4 billion ukuthuthukisa ingqalasizinda ezikoleni.

Ilungu leDemocratic Alliance ePhalamede uTom Stokes uthe abafundi abaningi abayitholi imfundo esezingeni eliphezulu, njengoba abafundi abangu-670 000 befunda ekilasini elinabafundi abangaphezulu kuka-55.

I-DA ithole ukuthi izikole ezingu-42 zinamakilasi anabafundi abangaphezulu kuka-90 ikilasi ngalinye.

Cishe ezikoleni ezingu-254 kunabafundi abangaphezulu kuka-60 ekilasini ngalinye.

Kwezingu-934 kunabafundi abangaphezulu kuka-55 ekilasini. Kwezingu-680 izikole, kunabafundi abangu-40 kuya phezulu ekilasini ngalinye.

Izikole ezingu-13 azinawo amaiklasi, nokuyinto elimaza abafundi abangu-2134.

Kunezikole ezidinga amakilasi angu-18 ukuze zikwazi ukumelana nokugcwala kakhulu.

UStokes uthe ngenxa yalezi zinkinga, umfundi ngamunye kuzoba nzima ukuba axhumane nothisha.

"Mancane amathemba okuthi silindele ukwenyuka kwemiphumela yokuhlolwa,” ucashunwe esho kanje yiphephandaba iThe Witness.

INhloko yezemfundo uDkt Nkosinathi Sishi ugxeka labo abasuka ezindaweni zasemakhaya ngokugcwala kangaka ezikoleni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...