Zibhajwe kweziwudlayo kobeshendeza umka muntu

2013-01-31 10:03

Johannesburg - INkantolo eNkulu ePitoli isiyalele indoda eyajola nowesifazane oshadile yathi kumele ahlawule umyeni weshende ngesamba esingu-R75 000.

Iphephandaba iThe star, libike lathi uJaji obambile uLouis Vorster utshele ummangalelwa uRenier Heine ukuthi akakhokhe nenzalo engu-15.5%, emalini yenhlawulo.

Ummangali ochazwe kuphela kwathiwa ngu-DJE Erasmus, utshele inkantolo ukuthi wayeshadile kumnandi, kwaze kwaba umkakhe uSune Erasmus, uyamshiya uyojola noHeine, ngo-2010.

U-Erasmus uthi unkosikazi wakhe wathola umsebenzi enkampanini eyenza imithi ngo-2009, wase ehlangana neshende lakhe eliyintatheli, esho etshela iphephandaba.

Ezama ukuziphendulela uHeine, utshele inkantolo ukuthi uSune wayengathokozile emshadweni wakhe, yize eyengakajoli naye.

Bobathathu laba bazibiza ngabazalwane benkolo yamaKrestu.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 9-16°C Rain late. Morning clouds. Cool.
Jhb: 6-12°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 6-9°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 11-15°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-14°C Scattered showers. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...