Zibekwe obala izinqumo ze-ANC

2013-02-07 16:38

Johannesburg - Izinqumo ezathathwa enkomfeni yeqembu elibusayo i-African National Congress eyabanjelwa eMangaung ngoDisemba, zibekwe esidlangalaleleni ku-website yeqembu.

Lokhu kuhlanganisa izinqumo ezithinta ezemfundo kanye nezempilo kanjalo nokunye okuthinta abantu baseNingizimu Afrika.

Enkomfeni yezinsuku ezinhlanu, iqembu lanquma ukuthi kumele izifundazwe zihlonyiswe ziphinde zesekwe, kuzoqokwa ikhomishana kamengameli, ezoqinisekisa ukuthi konke okwanqunywa kuhanjiswa ngohlelo.

Iqembu lavumelana ngokuthi lokhu okunqunyiwe kuzoma, kuze kube kuyiwa okhethweni luka-2019.

Ikhomishana yeqembu yanquma ukuthi kunokungahambi kahle ebhodini iMunicipal Demarcation Board (MDB).

NgoMsombuluko uNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe, waveza ukuthi iqembu lihlela ukwenza ezemfundo zibe ngaphansi kwemikhakha eyisipesheli, nokuzosho ukuthi othisha angeke besakwazi ukuteleka.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...